"ibala"
19 occurrences in ZUL
Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo , kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko , makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,
umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama ; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe , kuyisifo sochoko ; umpristi uyakumbheka , asho athi ungcolile.
Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe , lingabonakali lishonile kunesikhumba , noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,
umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa ; uma isifo ngokubona kwakhe sisemi, ibala lingandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakumvalela ezinye izinsuku eziyisikhombisa,
umpristi abuye ambheke ngosuku lwe sikhombisa; uma ibala lifiphele , isifo singandanga esikhumbeni , bheka, khona umpristi uyakusho athi uhlambulukile; kulutwayi; uyakuhlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.
umpristi ambheke ; uma ibala l iphendukile laba mhlophe , bheka, khona umpristi uyakusho athi onesifo uhlambulukile; uhlambulukile.
kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo , limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,
Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo lingandi , kuyisibanda sethumba; umpristi makasho athi uhlambulukile.
Nxa inyama inesibazi esikhumbeni sayo , inyama ebomvu yesibazi iphenduke ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana noma limhlophe nje,
Uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo , lingandi esikhumbeni, kodwa lifiphele, kuyidunguza lesibazi ; umpristi makasho athi uhlambulukile , ngokuba kuyisibanda sesibazi.
umpristi uyakubheka ibala ; uma libonakala lishonile kunesikhumba , kube kulo izinwel e ezincane ezimpofu , bheka, umpristi makasho athi ungcolile : kungumuna, kuluchoko lwekhanda noma olwesilevu.
Uma umpristi ebheka ibala lomuna, libonakala lingashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kulo , bheka, khona umpristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa,
uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo n oma entweni yesikhumba , kuyisifo sochoko, siyakuboniswa umpristi.
umpristi ayibheke emva kokuhlanzwa kwesifo ; bheka, uma ibala lingaphendulile umbala walo , lingandile, ingcolile; woyishisa ngomlilo ; kungumcothu odlayo noma iqothukile ngaphakathi noma ngaphandle.
Uma umpristi ebheka, ibala selifiphele lihlanziwe, bheka, makalintwengule engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo;
Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma intoni yesikhumba oyakuyihlanza, uma ibala lisuka kukho, kohlanzwa ngokwesibili, kuhlambuluke.