Ungakhulumi enhliziyweni yakho , uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho , ngokuthi: Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe , ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.
Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo , kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifunge la oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.